AKWAZIWA UKUTHI USASENGUMDLALI WE RICHARDS BAY NOMA USEXOSHIWE U-SIYETHEMBA SITHEBE
AKWAZIWA UKUTHI USASENGUMDLALI WE RICHARDS BAY NOMA USEXOSHIWE U-SIYETHEMBA SITHEBE
Ummeli ka Siyethemba Sithembe uMnu Musawakhe Sithebe ebuzwa ngomdlali ammele uthe “Ngeke ngisho ukuthi uSithebe usengumdlali waseRichards Bay noma cha. Nokho ngiyazazi izinhloso zabo zokunqamula inkontileka yakhe,” kusho uSithebe etshela uVictor Molefe emsakazweni Ukhozi FM.
“Angizange ngithintwe njengommeleli wakhe ngakho konke lokho, ngiyethemba ukuthi ngizohlangana neqembu ngithole izisombululo. Akubukeki sengathi basafuna ukumgcina, nokho. Sizothola emhlanganweni wethu olandelayo”
“Ngenhlonipho efanele, angikwazi lokho futhi ngeke ngiphawule ngento engingaziswanga ngayo.”
Abaphathi bammiseleni uSithebe?
Ngokusho kwabathathu abangaphakathi eqenjini, uSithebe uzwakalise ukukhathazeka ngethimba labaqeqeshi kulandela ukungenzi kahle kwabo kuBetway Premiership, okuholele ekutheni umqeqeshi uBrandon Truter axoshwe.
Kukholakala ukuthi uSithebe akaneme ngendlela iqembu elidlale ngayo ngobuchule waveza lokho kukhathazeka njengomdlali omkhulu, nokuyinto engehlanga kahle kubaphathi.
Omunye ongene ngaphakathi uveze ukuthi zikhona ezinye izingqinamba eziphakanyiswe lo mdlali odabuka eNewcastle ezithinta isikwati.
