Ezosaziwayo

Izinkondlo kwaba uthando lwami lokuqala.

Izinkondlo kwaba uthando lwami lokuqala.

Ngaqala ukubhala  izinkondlo ngisafunda ibanga lesi-6 abantu abaningi babengakholwa ukuthi yimina engangibhala lenkondlo engangiyenza ngisafunda u-grade 6 ngase ngazi ukusuka lapho ukuthi ngiyakwazi ukubhala futhi ngaleso sikhathi ngabona ukuthi kufanele ngibhale izinkondlo .

Emva kweminyakeni emibili ngaya esikoleni samabanga aphezulu nokuyilapho engathanda khona umculo we-hip hop ngoba ngangithanda indlela ababedlala ngayo ngamagama uma kuyimpi ye-rap ngesikhathi sekhefu ngangazi ukuthi yilokhu engikufunayo bese ngizilolonga futhi ngihlanganyele ku-Cyphers ngesikhathi sekhefu esikoleni .

Ngesikhathi sengenza ibanga lesikhombisa (grade) 9 ngabe sengiqopha i-demo bengilokhu nginqongqoza endimeni yezomculo kusukela ngaleso sikhathi kodwa angibanga nanhlanhla.

Ngemva kweminyaka engu-18 ngisangqongqoza ngoba ukuyeka umculo kwakungeyona into engangingayenza ngoba ngithanda umculo ukudlula impilo uqobo.

Ngibe sengihlangana no NGOZI SA onesitebele somculo wangifaka ngaphansi kwaso nokuyilapho esengithole ithuba lokukhiqiza i-EP yami yokuqala ngaphansi kwesitebele sakhe ephume ngo November.

Kwi-ep yami ngisebenze no Top Down Steering LS, Nate Bruno, Neo Abraka no Kingkale. Kule EP umculo engiwudidiyele uhlanganisa iHip Hop, Afro Beat kanye namaPiano  okungumculo othandwa kakhulu umhlaba wonke jikelele.

Abathandi bomculo wami bangathola izingoma zami kuzo zonke izitolo za Online ngokucofoza le link https://album.link/za/i/1779943625  noma isithombe se Album ngezansi

Error