Izindaba

Ukhalelwe ngamasongo kasigonyela umama wase-Eastern Cape obethola imali yesibonelelo sikahulumeni sengane yakhe eyashona eminyakeni emihlanu.

Umama wase-Port Alfred uboshelwe ukukhwabanisa ngemuva kokuba afihle ukushona kwendodakazi yakhe waqhubeka nokuthola imali yesibonelelo sikahulumeni sengane iminyaka emihlanu.

Umama oneminyaka engamashumi ayisithupha nambili (62) wase-Port Alfred ubhekene namacala okukhwabanisa ngemuva kokuqhubeka nokuhola imali yesibonelelo sikahulumeni sengane yakhe eyashona eminyakeni emihlanu.

Lona wesifazane uhlulekile ukubika ngokushona kwendodakazi yakhe eyayineminyaka elishumi nantathu (13) ubudala. IPhelokazi Dyongwana-Mdambatya wayathunjwa, wadlwengulwa, wahlukunyezwa wabulawa ngaphambi kokuba alahlwe emgodini ngo-2017.

Omunye wabagilwa ababili abasinda kulesi sigameko badalule imininingwane ngemuva kweminyaka, wazisa umama kaPhelokazi ngalokhu, kodwa kusolakala ukuthi azikho izinyathelo azithatha. Kunalokho, uqhubekile nokuthola isibonelelo sikahulumeni kwaze kwaba ukuthi i-South African Social Security Agency (SASSA) iyayimisa uma uPhelokazi esehlanganisa iminyaka engu-18.

Isishoshovu samalungelo abantu uMnuz Petros Majola weKhula Development Project usigxekile isenzo sikamama.

“Umbuzo uthi umama ulala kanjani ebusuku eqhubeke nokufuna isibonelelo sikahulumeni ekubeni azi kahle ukuthi ingane yakhe seyashona?”

“Nakuba thina iKhula Community Dev. Project EC kanye ne-Port Alfred Crime Fighters siqonda ukuthi umama kaPhelokazi usekhulile, lolu daba siluyise emaphoyiseni njengoba besikholelwa ekutheni akwenzile akulungile. Sifuna kube nobulungiswa kuPhelokazi noma engeke abuye kulo mhlaba,” kwengeza uMajola.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) uLuxolo Tyali ukuqinisekisile ukuboshwa kukamama wathi uvele enkantolo ngoLwesithathu. Icala lihlehliselwe kumhlaka-13 kuMasingana ngo-2025.

Amaphoyisa ase-Eastern Cape akuqinisekisile ngoMandulo ukuthi kwatholakala amathambo omuntu eduze kwendawo yesigameko, athathwa ukuyohlolwa ukuze kwenziwe ulibofuzo.

Akukaboshwa muntu mayelana necala lokubulala okwamanje.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zasePort Alfred zimashela esiteshini samaphoyisa sendawo ziyofuna ubulungiswa ngoPhelokazi Dyongwana-Mdambatya ngoMandulo.

Error