Zibulawe ngesibhamu sazo izigebengu ebezizama ukubamba inkunzi umuntu ocele uku hayikha emotweni yazo.
Zibulawe ngesibhamu sazo izigebengu ebezizama ukubamba inkunzi umuntu ocele uku hayikha emotweni yazo.
Obebanjwa Inkunzi ehayikha udubule wabulala izigebengu ezimbili esebenzisa isibhamu sazo.
Owesilisa obehayikha emgwaqeni eMiddelburg Mpumalanga ubanjwe inkunzi yizigebengu ezine (4) ebezihamba ngale moto esesthombeni ngezansi.
Ngokomthombo ubecela nje ulift ephuthuma zona zamholela ophathe zambamba zamphuca izinto zakhe azisebenzele kanzima. Zimthumba zathi akuyiwe ku ATM kuyokhishwa imali yakhe.
Kuthe lezigebengu seziyokhipha imali yomhayikhi kwi ATM, umhayikhi wahlwitha masinyane isibhamu kwesinye isigebengu maqede wahlaba ngenhlamvu imiphundlaphundla emibili yafa masinyane. Lena eminye imiphundlaphundla ibalekile kodwa ifunwe ngamaphoyisa yabanjwa yaboshwa.
Umthombo nesithombe: Ezivuthayo Emaputaland
