Izindaba

Kushone owesifazane kabuhlungu engozini yetekisi ekuseni namhlanje

Namhlanje ekuseni ngezithuba zabo-07:30 Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS babizelwe esigamekweni sengozi yetekisi edlule nomphefumulo wowesifazane oyedwa ku-Clare Road eduze no-Burnwood Road endaweni yase-Clare Estate eThekwini.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola isibhicongo njengoba bethole ukuthi itekisi elilodwa lihlulekile ukulilawula ngandlela thize labe selishiya umgwaqo lishayisa umuntu obehamba ngezinyawo ngaphambi kokushayisa isigxobo.

Abezimo eziphuthumayo basheshe bahlola indawo yesigameko bathola ukuthi ohamba ngezinyawo usabambeke ngaphansi kwetekisi, kwabe sekubizwa abezicishamlilo EThekweni ukuthi bazolekelela. Ngeshwa lo obehamba ngezinyawo owesifazane okukholakala ukuthi useminyakeni engamashumi amathathu ubudala uthole imihuzuko eminingi futhi akukho abezimo eziphuthumayo abebengamsiza ngakho kwabe sekumenyezelwa ukuthi ushonile endaweni yesigameko.

Omunye umgibeli obesetekisini uthole imihuzukwana kanti ulashelwe endaweni yesigameko yi-Ambulensi.
Okwamanje izehlakalo ezaholela kule ngozi akwaziwa nokho abeSAPS babekhona kanti basazophenya kabanzi.

Umthombo: ALS Paramedics Medical Services

Error