Umqeqeshi weChile uJorge Acuna uchaza ukuthi kungani uMarcelo Allende odlalela iqembu le Mamelodi Sundowns kuleli enganakwa yiqembu lesizwe lakubo.
Umqeqeshi weChile uJorge Acuna uchaza ukuthi kungani uMarcelo Allende enganakwa yiqembu lesizwe
“Kuyaxaka ku-(Marcelo) Allende.
Okwenzekayo wukuthi lapha abazi lutho ngeSundowns, abazi ukuthi u-Allende wenzani,” kusho u-Acuna etshela iKickOff.
“Kunzima-ke ukuthi abizwe, ngithe ngiya kuSundowns ngayeka ukubhekwa njengeqembu lesizwe laseChile, abaliboni ibhola laseNingizimu Afrika ngakho kunzima ukuthi umuntu abizwe eNingizimu Afrika
“Kuyaxaka ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika alibonwa lapha. Kimina, iligi yebhola esezingeni eliphezulu enobuhlakani obukhulu kanye nomfutho.”
