News

Isalukazi ebesibambe ulayini wokubhalisa ama mitha kagesi siwile sashona ngaphandle kwebhizinisi kwaEskom kuVoortrekker Street eCentral Business District (CBD), ekuseni namhlanje.

Isalukazi ebesibambe ulayini wokubhalisa ama mitha kagesi siwile sashona ngaphandle kwebhizinisi kwaEskom kuVoortrekker Street eCentral Business District (CBD), ekuseni namhlanje.
Sekuphume isidumbu namhlanje ekuseni kulayini wokushintsha amamitha kagesi eNewcastle njengoba kuqhubeka uhlelo lokuguqukela ku KRN2.
Ngokomthombo kubikwa ukuthi ugogo bekade ebambe ulayini ngayizolo wabuyela namhlanje ekuseni ubonakale ezama ukubambelela ngodonga wawa kwabizwa abezimo eziphuthumayo bafika bazama ukusiza kodwa kwasho ukuthi usethule ugogo.
Umphakathi ucasuke kakhulu ngalesenzo njengoba uveze ukuthi nangeviki eledlule nomunye wake waquleka kulayini wabuye wavuka.
Kuyimanje kuhlongozwa ukuthi kungangcono usizo lutholakale ehholo ledolobha eNewcastle Town Hall ngoba khona kunemipheme nezihlalo bazokwazi ukuthi babe ngaphakathi makushisa nabantu abadala bahlale phansi.
Error