News

UKhomishana wamaphoyisa esiFundazweni saseLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa abathinteka ezigamekweni zokucupha izimoto ngezinto ezicijile eziqhumisa amasondo nokudubula nokubulala emgwaqeni onguthelawayeka u-N1. Amaphoyisa akholwa wukuthi ukuboshwa kwabasolwa, kuzosiza kakhulu ekuxazululeni izigameko eziningi zokuhlaselwa kwabashayeli nabagibeli esifundazweni ikakhulukazi emigwaqeni emikhulu

UKhomishana wamaphoyisa esiFundazweni saseLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa abathinteka ezigamekweni zokudubula nokubulala emgwaqeni onguthelawayeka u-N1.
Amaphoyisa akholwa wukuthi ukuboshwa kwabasolwa, kuzosiza kakhulu ekuxazululeni izigameko eziningi zokuhlaselwa kwabashayeli nabagibeli esifundazweni ikakhulukazi emigwaqeni emikhulu.

Ziningi izigameko ezibikiwe lapho izisulu ebezishayela kuthelawayeka u-N1, endaweni iBela Bela nezinye izingxenye eziku-N1 zalimala izimoto zazo ngenxa yokubhoboza. Uma izimoto zabo zima nse, laba bashayeli babehlaselwa baphucwe izimpahla zabo ezibalulekile. Kwesinye isigameko, umufi udutshulwe washonela endaweni yesigameko.
Amaphoyisa abesebenza ngokuzikhandla ethungatha laba basolwa.

Kwamukelwe imininingwane yokuthi izigebengu ze-N1 ziboshwe kwa-SAPS Brits naseTemba ngemizamo ehlangene phakathi kwabaseshi baseBela Bela besebenzisana nozakwabo abavela ezifundazweni ezingomakhelwane zaseNyakatho-ntshonalanga neGauteng.

Izigebengu, ngemuva kokuvela enkantolo kwaTemba, zilethwe eBela Bela SAPS.
Ngomhla ziyi-14 kuLwezi wezi-2024 kwaba nombukiso wokuhlonza, lapho ofakazi bakwazi khona ukuhlonza abasolwa ngokuthi yibo ababagebenga.

Abasolwa babe sebeboshwa babekwa amacala okuphanga kuhlonyiwe nelokubulala elenzeka ngoJuni nangoJulayi 2024.

Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseBela Bela ngoLwesihlanu mhlaka-15 Novemba 2024, amacala abo ahlehliselwa umhla zi-9 kuZibandlela wezi-2024 ukuze bafake isicelo sebheyili.
Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.

Error