Izindaba

Sekusabalale udaba oluthi usesulile esikhundleni sokuba umphathi woKhozi FM uSbongi Ngcobo

Kusabalale izindaba zokuthi usesulile umphathi woKhozi FM esikhundleni. Lezindaba zikhishwe iphephandaba Isolezwe elingandanga ngokuthi kungani esulile umphathi womsakazo wesizulu owaziwa ngo Ukhozi FM uSbongi Ngcobo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uReggie Ndlovu odume ngokuthi nguyena owasungula uhlelo lokuhlukanisa unyaka ngezingoma ebematasa ngokulwa nomsakazo woKhozi FM ngokuthi kumele anxeshezelwe ngemali njengoba kwakungumqondo wakhe lo wokuthi kubenendlela yokuvotela ingoma ezohlukanisa unyaka.

Lezindaba zokusula esikhundleni zika Sbongi Ngcobo zisabalala nje bekungakapheli namaviki atheni eqeda kumemezela ukuvulwa kohlelo lokukhethwa kwezingoma ezizohlukanisa unyaka Okhozini FM kanti no Reggie Ndlovu naye uke wenza uFacebook Live ekhalaza ngohlelo lokukhethwa izingoma kanye nokukhethwa komculo odlalwa emsakazweni Ukhozi Fm.

Mayelana nodaba lokusula kuka Sbongi Ngcobo  vakashela ikhasi lika Facebook le Isolezwe ukuze uthole kabanzi.

Error