Izindaba

Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe umsolwa ngokubulala iphoyisa lomgwaqo, uSuperintendent Desmond Arumugam Pillay

Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe umsolwa ngokubulala iphoyisa lomgwaqo, uSuperintendent Desmond Arumugam Pillay.

UPillay wadutshulwa wabulawa ngesikhathi emi emgwaqeni onguthelawayeka u-N2 emgwaqeni ongenela eGroutville ngoNovemba 4. Wayesemsebenzini ngaleso sikhathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe ekuseni umsolwa ugibele itekisi esuka KwaDukuza eya eThekwini kanti emgwaqeni onguthelawayeka u-N2 wagebenga umshayeli isamba semali esingadalulwanga.

“Uphinde waphuca abagibeli abane omakhalekhukhwini ebakhomba ngezibhamu. Iphoyisa lomgwaqo libone itekisi ebipake ngendlela engafanele eduze kwamahhovisi akwaRoad Traffic Inspectorate (RTI) eGroutville labe seliyophenya, lingazi ukuthi kunesigameko sokugebenga kuhlonyiwe,” kusho uNetshiunda.

Uthe umsolwa wadubula iphoyisa lomgwaqo lashona ujuqu.

“Umshayeli wetekisi wayilahla imoto, kwathi umsolwa owayephethe isibhamu wathatha isihlalo somshayeli washayela nabagibeli imoto waya endaweni yaseThembeni KwaDukuza lapho ayishiye khona,” kusho uNetshiunda.

Uqhube wathi ithimba labaphenyi lilandele umkhondo womsolwa emijondolo yaseThubelihle eMelmoth lapho aboshelwa khona.

“Uphenyo lwabe seluqondise amaphoyisa lapho kuhlala khona umsolwa emijondolo KwaMashu lapho kutholwe khona isibhamu sokubulala esinenombolo yocingo nezinhlamvu ezingu-32,” kusho uNetshiunda.

Umsolwa, oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27), uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu, ngecala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

“Ngalo lolo suku umsolwa uzovela futhi enkantolo eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza lapho ezobhekana khona namacala okubulala, ukugebenga imoto nokubamba inkunzi kuhlonyiwe,” kusho amaphoyisa.

Error