Izindaba

Kuboshwe abalisa abathathu okusolakala ukuthi bayathinteka ekubulaweni kwabaphathi bamatekisi abadutshulwa ngo November ngonyaka odlule nango August kulonyaka

Kuboshwe abalisa abathathu okusolakala ukuthi bayathinteka ekubulaweni kwabaphathi bamatekisi abadutshulwa ngo November ngonyaka odlule nango August kulonyaka

I-SAPS isikhiphe isitatimende lapho iveze ukuthi amaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla  asebophe abasolwa abathathu okusolakala ukuthi bayathinteka ekubulaweni kosomatekisi kanye nelunga lenhlangano yosomatekisi abadutshulwa babulawa ezigamegweni ezimbili esokuqala senzeke ngo November nyakenye kwathi esesibili senzeka ngo August nonyaka.

Abasolwa ababili batholakale ngolwesihlanu mhlaka 08 November 2024 eMall of Africa eMidrand kwathi omunye oyedwa waboshwa ngomgqibelo mhlaka 09 November 2024 kwathi abanye abasolwa ababonakala kwi video eyaqoshwa nabo batholakala baphoswa imibuzo ngamaphoyisa.

Kutholakale nezibhamu ezine (4) zathathwa zayohlolwa ukuthi ziyathinteka yini emacaleni okubulala okanye noma kumaphi amacala.

Amaphoyisa asaphenya kabanzi ngaloludaba kanti mayelana nemininingwane eyengenziwe unguxhumana  no

Brigadier Athlenda Mathe
0820408808

X (Twitter): https://twitter.com/SAPoliceService
Facebook: https://www.facebook.com/SAPoliceService
Instagram: https://instagram.com/sapoliceservice_za/
YouTube: https://www.youtube.com/user/SAPoliceService
Website: www.saps.gov.za

Error