Izindaba

Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu 62 eTzaneen ngokubulala isalukazi esineminyaka engu 82 esigwaza ngento ecijile esiphongweni ephindelela.

Amaphoyisa ase Polokwane eTzaneen ngaphansi komkhandlu iMopani District abophe owesifazane oneminyaka engamashumi ayisithupha nambili (62) ngolwesihlanu mhlaka 08 ku November 2022 ngezikhathi zantambama mayelana nokubulawa kwesalukazi esineminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nambili (82).

Amaphoyisa adonswe indlebe ngalesigameko ngamalunga omphakathi kanti athe efika athola lesalukazi sesishonile silele phekwegazi laso kanti abezimo eziphuthumayo bakuqinisekile ukuthi usedlulile umuntu omdala okusolakala ukuthi ugwazwe ngokuphindelela esiphongweni njengoba ebenamanxeba amaningi esiphongweni.

Ngokomthombo umufi ebeyobingelela kwamakhelwane lapho athe mayefika wathola ukuhlaselwa ilowesifazane oboshiwe.

Umsolwa uzovela enkantolo ngomsombuluko mhlaka 12 ku November 2024 eBolobedu Magistrate Court kanti okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe usenxuse umphakathi ukuthi uvikele abantu besifazane abadala kanye nomphakathi owaziwa nge LGBTQ+

Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka

mayelana nemininingwane eyengeziwe ngaloludaba xhumana no Brigadier Hlulani Mashaba ku 082 565 6524 noma cofoza lana http://www.saps.gov.za

Error