Abesilisa abathathu bathole udilikajele kanye neminyaka emithathu umuntu ngamunye ngokuthumba nangokubulala owayesolwa ngokweba utshwala.
Agcine egwetshwe odilikajele amadoda abathathu, athumba abulala ngesihluku u-Andile Bobo Mbuthu oneminyaka engu 16 oThongathi, eThekwini.INkantolo yesiFunda yaseVerulam igwebe u-Andile Nhleko oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32), Mncedisi Mzobe naye oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) noLindani Ndlovu oneminyaka engamasumi amabili nesithupha (26) ngoLwesine emini.
IMantshi iphinde yabagweba iminyaka emithathu umuntu ngamunye ngecala lokuthumba.UMalusi Mthembu ugwetshwe iminyaka elishumi nambili-(12) ngecala lokubulala nemithathu (3) ngelokuthumba. Inkantolo ithi wabamba iqhaza elincane ngosuku lwesigameko.
UHlatshwayo uchaze la madoda njengabantu abangasakulungele ukuphatha isibhamu impilo yawo yonke, wayalela ukuthi uma enezibhamu, izinhlamvu nelayisensi yakho amaphoyisa akushaqe.
Akhombise ukudangala egwetshwa la madoda, uNhleko noMzobe behlafuna into engapheli. UNdlovu obefake isifonyo ubelokhu egebisa ikhanda, uMthembu ebukeke ekude ngomcabango egqolozele uHlatshwayo.Ummeli wabo uMnuz Mondli Ndlela, uthe uyalelwe yilawa madoda ukuthi akuphonsele inselelo ukulahlwa kwawo ngecala nesigwebo.
UMthembu uzobuya kule nkantolo ngoDisemba 3, ezofaka lesi sicelo. Abagwetshwe odilikajele bona bayalelwe ukuthi baye eNkantolo eNkulu yaseThekwini, uma befuna ukwenza okufana nokukaMthembu.Izigwebo zabo bazozidonsa kanyekanye.Inkantolo ibigcwele abantu abebevela ezinhlangothini ezimbili okungabebezokweseka umndeni kamufi nezihlobo zamadoda agwetshiwe.
Ngaphandle kwenkantolo amakholwa nabomndeni kaBobo bavele bahlabelele bebonga uMdali. Bathe sibageze ngaphakathi isigwebo.UBobo washaywa wafa eMagagula Lounge, eHambanathi, ngo-2020, esolwa ngokweba utshwala.Washiswa ubusuku bonke, ngakusasa ekuseni izinsalela zesidumbu zahlakazwa ngepiki zafakwa ezikhwameni ezaphonswa emfuleni.
Yavusa uhlevane nomunyu i-video eyayikhombisa uBobo eshaywa elele phansi egxizaigazi emabokobo.


