Izindaba

Kulimale izingane ezimbili kuphephuka uphahla ngenxa yezivunguvungu zomoya odale lomonakalo eTagore Street eParadise eNyukhasela.

Izakhamuzi ezisemgwaqweni uTagore, eParadise, zisale zimangele ngesikhathi isivunguvungu esinamandla siphephula uphahla emafulethini, kwalimaza izingane ezimbili.
Kuthiwa lesisigameko senzeke ngabo-4 manje ntambama.
Umthombo wabezindaba i-Newcastillian News ikuqinisekisile ukuthi kulimale izingane ezimbili ngesikhathi kuphephuka uphahla.
Ngokombiko kuthiwa akukubi kakhulu yize bephuthunyiswe esibhedlela ukuze kuqinisekiswe ukuthi abalimalanga ngaphakathi.
Umthombo nezithombe : www.newcastillian.com
                                                                 
Error