UMPHAKATHI OBUGANE UNWABU USHISE AMA TEKISI E-SISA(North West) NGENXA YOKUTHI BESE BEVIMBA IZIMOTO EZINCANE EZIGIBEZE ABANTU ABATHATHU KUYAPHEZULU.
Umphakathi obugane unwabu ushise amatekisi (Taxi) eSisa eNorth West ngenxa yokuthi ama taxi ebesevimba wonke umuntu ohamba ngemoto encane egibeze abantu abathathu kuyaphezulu. Ngokomthombo i-Association yamatekisi yase SISA eNorth West ikhiphe isimemezelo sokuthi abahamba ngezimoto ezincane akusafanele bagibeze abantu abadlula kwababili ezimotweni zabo.
Umphathi ukhala ngokuthi ngeke ulawulwe abosomatekisi ngezimoto zabo wase uziphendulela ngokushisa amatekisi ukuze uzwakalise ukunganami ngesimemezelo esikhishwe osomatekisi.
Elinye ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa likhale ngokuthi lake lamiswa ligibeze umndeni walo kwathiwe abadilike abanye bagibele amatekisi ngoba akusavumelekile ukuthi umphakathi ulayishe abantu abadlula kwababili eSISA.
Abatholakalanga abakhulumela i-Association yamatekisa ase SISA kuze kwashaya isikhathi sokushicilela

Izithombe:Twitter (X App)


