Ugcine ezinikele emaphoyiseni umdlali we Sekhukhune odale ingozi yemoto edlule nomphefumulo wengane encane
Ugcine ezinikele emaphoyiseni umdlali weSekhukhune United, uShaun Mogaila oneminyaka engu 29, ngemuva kwengozi yemoto eyenzeke eThembisa ngoLwesithathu ekuseni lapho kushone khona ingane yentombazane (9), kwalimala eyomfana (13).
Ngokubika kwe-Isolezwe lo mdlali owake wagijima kwiRoyal AM ubebalekile endaweni yesigameko lapho amaphoyisa ethole khona amabhodlela otshwala nokubukeka njengezidakamizwa emotweni yakhe yohlobo lweBMW. Uzovela enkantolo maduze.

Izithombe: EPMD


