Izindaba

Ama-Hawks abophe abangu 14 abakhwabanisa imali engango 157 Million eNedbank

Ungqongqoshe wamaphoyisa eMzansi uMnu. Senzo Mchunu usewashayele ihlombe ama Hawks/Oklebe ngokubopha abantu abayishumi nane abasolwa ngokukhwabanisa izigidi zemali ebhange iNedbank.

Kulabasolwa kubalwa nobengumsebenzi wakulelibhange ekusolwa ukuthi ube nesandla ekwebiweni kwemali elinganiselwa ku 157 million wamarandi.

Ngokombiko wamaphoyisa lomsolwa ubelokhe efaka izindodla zezimali kuma account abantu abangaziwa esebenzisa izinsiza zalelibhange.

oyisikhulumi sikaNgqongqoshe uKamogelo Mogotsi uthi labasolwa baboshwe ePitoli kanti abanye batholwe eGoli nase eKrugersdorp.

“Isinyathelo esisheshayo esithathwe izikhulu zethu ezizinikele siholele ekubanjweni kwabantu abathinteka ohlelweni lokukhwabanisa imali engaphezu kuka-R157 million kuma-akhawunti asolwa ngokungemthetho.

“Lo msebenzi ugcizelela ukuzibophezela kwethu ekulweni nobugebengu bezezimali kanye nokuvikela ubuqotho bezinhlelo zethu zamabhange,” kubeka uMchunu.

Umthombo:www.gagasiworld.co.za

Error