Izindaba

Udubule amalungu ayisikhombisa akamakhelwane wase ezidubula naye

Umnikazi we Tavern udubule wabulala abantu abawu 7 naye wase wazidubula e Orange Farm.
Kuthiwa ezintatha namhlanje kube khona ingxabano phakathi komnikazi we tavern kanye nomakhelwane.
Omunye wabashonile uye e tavern eyothenga u beer, kwase kwasuka ingxabano phakathi kwakhe nomnikazi we tavern, akucaci kwenzekeni emva kwalokho kodwa uthe esehambile, kwabonakala tavern owner ungena nesibhamu endlini yadubula lo ebexabene naye kanye nomndeni wakhe nomngani nomakhelwane. abawu 7 abashonile kukhona nengane ena 3.
Kulesigameko kukhona nenye ingane ena 1 edubuleke esiswini kodwa yasinda, isesibhedlela kanye nomama wayo odubulekile naye.
Umnikazi we Tavern ube eseya emzini wakhe naye wazidubula, washonela esibhedlela.
Error