Iyaxolosa inkabi esaba ukudubula umfana (19) waseMnambithi ebiqashelwe ukuthi imbulale
Iyaxolosa inkabi esaba ukudubula umfana (19) waseMnambithi ebiqashelwe ukuthi imbulale
Iyaxolosa inkabi esaba ukudubula umfana oneminyaka engu-19 ubudala waseMnambithi ebiqashelwe ukuthi imbulale.
Inkabi ebiqashelwe ukusoconga umfana oneminyaka engu 19 ubudala ithi isinenkinga ayisazi ukuthi yenzenjani.
Lenkabi ithi ingu muntu ophila ngokukhomba futhi odubulayo isineminyaka emithathu iphila lempilo futhi ayiziqhenyi ngalokho kodwa isimo sempilo senza iphile lempilo.
Lenkabi yabe seyithengwa omnye ubhuti wakhona lana e Mnambithi ukuthi beyombulalela omnye umfana omncane cishe una 18 noma 19 (esinalo igama lakhe kepha siligodlile) kuthiwa lomfana uhlala EMnambithi kwaHlathi no2 isigodi. Inkabi ithi yabona umfana emncane kakhulu abazange bamhambele mhlahlo bathi umsebenzi olula baqala bamlandela kanti ababuzanga elangeni lomfana unomkhulu wakhe oyinduna. Lomfana uyadubula futhi ayazi ukuthi ubani owamfundisa isibhamu kodwa waqala wasibamba isibhamu uyasheshisa ngalendlela yokuthi uma edubula akatatazeli futh uyanemba umfana. Babe sebemfunisa okwenyama lomfana ngoba imali ingxenye yayo bayithatha kanti umfana usebonile ukuthi kukhona abantu abamfunayo, futhi akazi ukuthi umuthi yini noma idlozi kodwa akusondeleki kulomfana uma ephethe isibhamu ngoba isibhamu akasiphathi njalo kodwa ngathi uyezwa uma bezozama ukumhlasela. Bebe lokhu bengamutholi inkinga isingakubo ngoba babengu 6 bethengwa manje sebesele bathathu. Laba abanye bashone ngendlela abangayiqondi, ababili badutshulwa oyedwa wahlaselwa isifo senhliziyo abangasazi. Manje kunzima ngoba nobhuti owabathenga usebabalela izinsuku uthi umfuna efile lomfana ngoba babethembisane ukuthi lemali esele bazoyoyilanda uma ubhuti obaqashile esebuya emgcwabeni womfana kepha sebehlulekile.
Khonamanjalo, kuthiwa kwayena lo mfana wazana nebandla lase Mabhekazi Kwa Jwili khona EMnambithi okuyindawo eyingozi. Kanti nezinye zezihlobo zakhe zise Msinga sebesabela izimpilo zabo ngoba lomfana unomkhulu wakhe oyinduna obafuna phansi phezulu ngoba akafuni lutho ngalomfana, naye lomkhulu inkabi ithi uyadubula abamaziyo. Kuthiwa ukhamba lufunze imbiza, ithi lomfana wakucela kumkhulu wakhe ukuba ushaya sibhamu. Uma esevelelwa izinkinga ubalekela kuye njengomzukulu isixazululo usithola ngaso lesisikhathi. Uma efika kumkhulu wakhe oyinduna yena uyasaz isibhamu ngath uzalelwe kuso. Inkabi ithi icela uxolo ngoba labantu bayingoz labantu base Mabhekazi.
Umthombo: Nqubeko Community Radio
https://www.facebook.com/share/p/Tggu9m7fQGdXzrkB/?mibextid=oFDknk


