LIYAQHUBEKA NAMHLANJE ICALA LAMADOLA ASEPHALA PHALA
Ukuqulwa kwecala lokugqekezwa kwepulazi likaMengameli uCyril Ramaphosa ePhala Phala ngo-2020 lizoqhubeka eNkantolo yesiFunda yaseModimolle ngoMsombuluko, ufakazi wombuso wesine abuyele esigcawini.
Phambilini ufakazi wazwakalisa ukungenami ngesitatimende okuthiwa wasenza emaphoyiseni wathi akakaze asenze leso sitatimende nokwenze ukuthi inkantolo imise icala ngesikhathi kuqhubeka icala ukuze iqinisekise ubuqiniso besitatimende.
Abasolwa u-Imanuela David kanye naboshwe nabo uFlorianah noNdilinasho Joseph babhekene namacala amaningana ahlobene nokweba imali engaphezu kwesigamu sesigidi samadola aseMelika epulazini iBela-Bela.
Kuze kube manje ofakazi bombuso abayisikhombisa kwabangu-22 sebethule ubufakazi, oyedwa udalule ukuthi uDavid wathenga izimoto ezingaphezu kuka-R4 million esebenzisa amadola aseMelika.



