Izindaba

indodakazi inqatshelwa inkokhelo yomshwalense wempilo ka-R6m ngenxa yamanga kamawayo ongasekho.

Inkantolo ikhiphe isinqumo ngowesifazane owayefuna umshwalense kanina ongasekho u-R6m ngemuva kokutholakala ukuthi umufi wayeqamba amanga ngomholo wakhe wanyanga zonke kumshwalense.

IJaji uMahendra Chetty eNkantolo eNkulu yaseThekwini usichithile isicelo sika-Viantha Naidoo kumshwalense kamama wakhe ongasekho. Umshwalense, iDiscovery, wawuhlabe umkhosi ngokuhlanekezela amaqiniso ngo-2016 ngemuva kokushona kukamama kaNaidoo, uSandra, ngezizathu zemvelo ngoJanuwari 2016.

AbakwaDiscovery bathi uSandra waqamba amanga esicelweni sakhe sokuthi wayehola u-R35,000 esebenza eShoprite eChatsworth ekubeni eholelwa isamba esingu-R5,500, no-R3,600 wokugoduka nawo. Iholo lakhe lilodwa belizonciphisa ikhava yakhe ibe ngu-R1.2m noma yenqatshwe, ngokusho kofakazi beDiscovery.

Le nkampani iphinde yathi uSandra wehlulekile ukudalula ukuthi wathatha omunye umshwalense kwa-Old Mutual ngalo lolo suku ayenza neDiscovery. Lokhu kubeke engcupheni zombili izinkampani futhi kwasho ukuthi ubenomshwalense owedlulele.

Inkantolo ithe uSandra wanyusela umholo wakhe waba ngu-R70 000 esicelweni sakhe kwa-Old Mutual futhi inkampani yakhokha u-R3.3m kuNaidoo ngesikhathi efaka isicelo sokushona kukamama wakhe.

“Ngigculisekile ukuthi ummangali [Naidoo] wehlulekile ukufakazela icala lakhe,” kunquma uChetty.

“Ummangalelwa wokuqala, i-Discovery, wangena enkontilekeni ngokumeleleka nokungadalulwanga nguSandra Naidoo futhi ngenxa yalokho unegunya lokuchitha inkontileka futhi wenqaba ukukhokha inzuzo yokufa eshiwo kumzuzi oqokiwe.”

U-Naidoo uphinde walahlekelwa yizinkokhelo zikamama wakhe njengenhlawulo eyayibekwe yi-Discovery.

Uthi umama wakhe wayehola imali ethe xaxa njengomele ukudayisa enkampanini yezimonyo i-Avon, nokuthi wayehola izabelo enkampanini eyayiphethwe yilo mndeni, kodwa akakwazanga ukufakazela lokhu enkantolo. Umphathi wakwa-Avon ukuphikile ukuthi uSandra ubeyingxenye yeqembu labo.

AbakwaDiscovery baveze ubufakazi obufana nama-payslips kaSandra kanye nezitatimende zasebhange ezifakazela ukuthi wenze ihaba ngomholo wakhe, nokuyinto eqinisekiswe nayimenenja yezabasebenzi kwaShoprite.

“Eqinisweni, abakwaDiscovery bathi ukube umufi walidalula kahle iholo lakhe kwaShoprite Checkers, ngabe ayizange inikeze imali ye-life cover eyayenza – [kanye] nokuthi ukumelwa kabi yikona okuholele ekutheni ingene esivumelwaneni ngemibandela eyayenza,” kusho ijaji.

Amafomu okufaka isicelo somshwalense kaSandra ahanjiswa enkantolo futhi kwatholakala ukuthi kuzo zombili lezi zikhathi wayesizwa yi-ejenti eyayiphenywa ngokuba yingxenye yophiko oluqola izinkampani zomshwalense. I-syndicate izofaka imali kuma-akhawunti asebhange omuntu omshwalense ngokweqile ukuze kubonakale sengathi uhola ngokwanele ukuze afanelekele ukuthola umshwalense owengeziwe.

Error