BATHI SEKWANELE ABASEBENZI BASESIBHEDLELA SASE NEWCASTLE
ABASEBENZI ABASEBENZA NGOKUHLANZA ISIBHEDLELA BAKHALA NGOKUNGAKHOKHELWA IMALI

Bathi sekufike ekugcineni abasebenzi benkampani ebizwa nge Kampongo Pty- Ltd eyathola ithenda yokuhlanza nokugada isibhedlela.
Labasebenzi bagxeka lenkampani ngokungabacangeli njengoba bona bengazi ukuthi bahola nini kwazise imali ayingeni ngesikhathi. Abanye bathi bakweletwa ama bonus osekuphele iminyaka ewu 9 bengawatholi yize besebenza kanzima.

Omunye wabasebenzi ubikele intatheli yomsakazo Amajuba FM ukuthi bashintshiswa usuku lokuhola ababehola ngalo njalo umhlaka 30 wokuphela kwenyanga basayiniswa izinkontileka zokuthi sebezohola ngomhlaka 25 njalo ngenyanga, Yize kunjalo bakhala ngokuthi abalwazi usuku lokuhola ngoba ziyedlula izinsuku abazisayina phansi baze bahole ngenyanga elandelayo.
Labasebenzi banqume ukuyeka ukuya emsebenzini baqhinqe ngaphandle kwesibhedlela njengoba bethi abanayo imali yokugibela abanye abanakho ngisho ukudla emakhaya.
Namhlanje kade kufike uNozulu we #SANFOSAWU okuyinyunyane edlelana ne MK nokhuthaze abasebenzi ukuthi bangacekeli lutho phansi futhi bangabangi umsindo ngoba okubalulekile ukuthi bathole izimfuno zabo kumqashi.
Bekade kulindeleke ukuthi abekhona naye umqashi kodwa ugcine engafikanga.
Okunye okushaqisile okuvela eMnyangweni Wezempilo ukuthi kunezinsolo zokuthi lenkampani iyakhokhelwa ama invoice ewafakayo omsebenzi nokuxakayo ukuthi kungani ingabakhokheli abasebenzi.
Kugcine kuba nomhlangano omncane nomphathi wenkampani ngaphakathi nabasebenzi lapho ethembise khona ukuthi uzokhokhela bonke abasebenzi imali yabo ngolwesihlanu wabacela ukuthi babuyele emsebenzini kusukela kusasa.


