Udinga ubulungiswa umndeni wakwa Dlamini oshonelwe ngamawele awe kwi lift yebhilidi i-Hommie Flat
Udinga ubulungiswa umndeni wakwa Dlamini oshonelwe ngamawele awe kwi lift yebhilidi i-Hommie Flat
“Amawele ami aneminyaka engu-8 ubudala abandakanyeka engozini, awela ku-lift shaft esuka ku-4th floor eya phansi, iminyango ye-lift engalungile yayingakhiyiwe, indodana yami yashona, indodakazi yami yasinda futhi yona e-ICU ilwela impilo yayo”.

Uyise walezingane ubhale ezinkundleni zokuxhumana “abaphathi be-Homii Flat abanandaba nhlobo!
Akekho oke wangivakashela kanye nomkami, kwadingeka ngiziyele ehhovisi lezokuphepha ngiyofuna i-video banqaba ngayo”.
Banginika isikhwama segrosa kuphela kanye no-teddy bear enganqaba!
Ngidinga ubulungisa kubantwana bami.




