Kubikwa ukuthi kuboshwe abantu abesilisa abalinganiselwa ku 12, kulemashi kaNgizwe Mchunu
Kubikwa ukuthi kuboshwe abantu abesilisa abalinganiselwa ku 12, kulemashi kaNgizwe Mchunu yakwa Mai Mai.
Siyakhumbula uNgizwe Mchunu elwisa abobulili obufanayo ngemvunulo ababeyifakile wathi u Zulu akumele ahambiselane naloku.
Ube eseqoqa izinsizwa wathi akubhekwe kwaMai-Mai la kuqashwa khona imvunulo ngoba kade esezwile ngandlebenye ukuba labo abathandana ngobulili obufanayo bodwa(gays) bazokuba ne March la bezobe behlobile ngemvunulilo yesiZulu namuhla.
UNgizwe Mchunu usola amaphoyisa ngalesenzo, uthi bekumele kuboshwe yena uqobo hhayi abakhaphi bakhe.
Isithombe sokugcina sitshengisa labo kade bebopha ifindo ngeviki eliphelile.



