BAYIJABULELA KAKHULU INGOMA KA DEEKAY CEO AYENZE NP FRANS CEO AYICULA NANGESIZULU
BAYIJABULELA KAKHULU INGOMA KA DEEKAY CEO AYENZE NO FRANS CEO AYICULA NANGESIZULU
INGOMA ka DEEKAY CEO ayicule no Frans CEO ikhombisa elikhulu isasa njengoba abantu bekhombisa ukuyijabulela. Lengoma esihloko sayo sithi FOREVER okuyingoma yothando ijabulisa abathanda bomculo abaningi njengoba ihleli ku 13000 wama views ku YouTube kanti isinokuzwakala ebantwini beyidlala ezimotweni zabo nasemafonini abo okuyinto emjabulise kakhulu lomculi.
Sithole ithuba lokuhlala naye phansi wasichazela ngothando lwakhe lomculo athi lwaqala ngo 2015 lapho wayejwayele ukulalela izingoma zabaculi abahlukene okungabalwa kubo uFrans CEO kanye no Eminem.Lomculi uthi uqale ukuqopha izingoma zakhe ezithi yena ngonyaka ka 2021 ngengoma yakhe eyeyicula ngokuhlanganyela nabaculi okubalwa kubo uRay August no Igagu Langempela.
Lomculi ukhiphe ingoma ethi FOREVERÂ eyikhipha nomculi ayekade ebukela kuye esakhula emculweni okungu Frans CEO.Lengoma uyikhiphe ngo 2024 ku YouTube kodwa uthi khane izongena kuzo zonke izitolo ze inthanethi.



