Izindaba

KUTHOLWE ISIDUMBU SOWESILISA NGEMUVA KWEMOTO EBEYINTSHONTSHWE EJOZINI IZOLO EBUSUKU

KUTHOLWE ISIDUMBU SOWESILISA NGEMUVA KWEMOTO EBEYINTSHONTSHWE EJOZINI IZOLO EBUSUKU

iTholakale ngase Gugulesizwe e Section 2 eMgwaqeni ongena eMasimini imoto yohlobo lwe Van emhlophe ebikade intshontshwe izolo ebusuku eWoza woza mawdlula eJozini Mall , lemoto itholwe inesdumbu sowesilisa ngemuva, kanti kuvela ukuthi uMshayeli ubehamba noMshana wakhe beme ngase Woza woza beze kwabanye abafana nokube sekuqhamuka izigilamkhuba ezine besamile bexoxa zavulela ngenhlavu zadubula uMshayeli nophuthunyiswe emtholampilo oseduzane la ethola khona ukulashwa , kanti zibe sezilayisha laba abanye ngemuva zashaya zchitha nabo, nokuthe ingakagijimi kakhulu oyedwa wazama ukweqa wabaleka, kwathi omunye walimala kanzima naye.
iMcr-News ezifikele endaweni yesgameko yathola Amaphoyisa esekhona, nalaba abathatha izidumbu ( Forensic) kanti noMndeni wowesilisa otholwe ngemuva emotweni eshonile kade usukhona , iMcrnews ibe isikhulumisana noMalume ka Mufi umnz Tallman Sibiya notshele abezindaba ze Mcr ukuthi loshonile uMshana wakhe uSabelo owaziwa ngegama lika Ntonto oneminyaka engu 39 ubudala ahlala naye ekhaya eMsiyane kodwa EMakhonyeni ubevakashele omunye woMalume wakhe okungu Mnikazi we Van ebelintshontshiwe .
Uthe izolo ebusku ngehora leshumi bathole uMbiko othi sekuthathwe imoto kamfowabo uZama bathola nokuthi udutshuliwe uphuthunyiswe eMtholampilo nababe sebephuthuma khona bamthola esaxilongwa nokuyila abathole khona ukuthi kulemoto bekukhona noMshana wakhe kodwa ongakatholakali ukuthi ukuphi noma lzigilamkhuba zibaleke naye ngemoto , uthi babe sebesuka bayomcinga ebusuku bangamthola, nabaze balala ngo 3 ekuseni, baphinde bavuka ekuseni bayocinga, nokuyila ababe sebezwa khona ukuthi kunemoto etholakele ngase Section 2 enesidumbu sowesilisa ngemuva.
Umnz Sbiya uthi ube esephuthuma khona, nangempela mayefika wabona ukuthi yiyo imoto kamfowabo, nothe uma besondela bebuka lomuntu otholakale kulemoto ngemuva wafica ukuthi nguye uMshana wakhe nabamthole enenxeba lokudutshulwa emlonyeni inhlavu yayophumela ekhanda, uSbiya uthe emotweni bathole konke obekuphakathi ngoba nesibhamu sika mshayeli sikhona asithathwanga, into ethathiwe izincingo kuphela. uSibiya ube esethi abantu abaqaphele izwe alikho lihle, wanxusa nabo abantu ukuthi abake babe nonembeza ngoba into yomuntu uma usuyithathile asikho isdingo sokumbulala.
iNduna yakuleyandawo umnz Jabulani Mafuleka usigxeke kakhulu lesigameko, wase ephosela inselelo uhulumeni ukuthi akake enze imzamo ukunqanda lento yokwentshiwa kwezimoto, ngoba ngeke iphele uma kungakakhathazeki yena.
Error