UBUYELA ENKANTOLO OWESIFAZANE OSOLWA NGOKUBULALA INGANE YAKHE
UBUYELA ENKANTOLO OWESIFAZANE OSOLWA NGOKUSOCONGA INGANE YAKHE
UTiffany Meek, 31, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort namuhla ukuze adlulise icala lokunqatshelwa kwakhe ibheyili ecaleni lokubulala indodana yakhe, uJayden-Lee Meek, 11.
U-Meek ubhekene namacala amaningi ahlanganisa ukubulala, ukulimaza ubugebengu, nokuphazamisa ubulungisa.
UJayden-Lee waduka ngoMeyi 13, 2025, watholakala eshonile ngakusasa eduze kwezitebhisi zendlu yakubo, engagqokile ingxenye. UMeek waboshwa ngoJulayi 11 kanti ugqunywe esitokisini kusukela lapho.
Isicelo sakhe sebheyili sachithwa yiMantshi u-Annelin Africa ngoJulayi 29. Ekunxuseni kwakhe, uMeek wathi uyena yedwa owondla umndeni wabe esehlongoza ibheyili ka-R5,000





