Lihlehliselwe umhlaka 22 September 2025 icala lika mama wase Newcastle osolwa ngokugwazwa ingane yaze yaphuma amathumbu
Lihlehliselwe umhlaka 22 September 2025 icala lika mama wase Newcastle osolwa ngokugwazwa ingane iphume amathumbu eflathini lakhe ngeviki eledlule kwaze kwangenelela umuntu owayesebenza phandle.
Ngenkathi sifika namhlanje enkantolo bekade ebukeka engekho esimeni esikahle somqondo lona wesifazane kanti bekade ukhona umndeni wakhe uzomeseka.
Okuvelile enkantolo ukuthi umsolwa ubhekene necala le attempted murder kulesehlakalo sokulimaza izingane zakhe ezimbili njengoba kwavela ukuthi wasola usathane ngemva kwalesenzo sakhe.
Kulindeleke ukuthi abaseshi benze olunye uphenyo mayelana necala bese eyabuya umsolwa ngeviki elizayo ezofaka isicelo sebheyili.
Okwamanje asikwazi ukushicilela eminye imininingwane okukhona kuyo isithombe sikamsolw, igama nesibongo sikamsolwa, abagilwa, umyeni wakhe neminye imininingwane ngenxa yokuzama ukuvikela amalungelo ezingane ezithintekayo kulesigameko.
Qhubeka ulandele leli khasi ukuze uzothola eminye imininingwane mayelana necala.
udaba
umthombo: Litradio



