Izindaba

Ihlasele yaluma amalunga omndeni wonke iPitBull eParkgate eThekwini.

Kuchitheke igazi inja i pitbull ihlasela umndeni wonke ekhaya yabaluma kanzima.
Kulamule ukuthi umnikazi wayo eyigwaze i pitbull evele yavuka indlobane yahlasela wonke umuntu ekhaya ibavalele endlini. kuthiwa umama ubelungiselela ukudla ngesikhathi lenja ingena endlini yabavalela phakathi yabaluma bonke bowu 10 kulamule umnikazi wayo othathe umese wayigwaza kaningi esifuba yaze yawa phansi kubizwe abezimo eziphuthumayo baphuthunyiswa ezibhedlela.
lesigameko senzeke e Parkgate e Thekwini
Error