Ugwetshwe iminyaka engu 25 ebhadla ejele owabulala abesifazane ababili nyakenye.
uLungani Mthethwa ugwetshwe iminyaka engama-25 ebhadla ejele.
Namuhla uMthethwa uvume amacala amabili okubulala uZizipho nomngani wakhe u-Anele Mbokazi abatholwa bedindilizile eKenville ngasekupheleni konyaka owedlule.
Esitatimendeni sake esifungelwe esifundwe ummeli wakhe ukuvezile ukuthi konke akwenza ngobusuku bokubulawa kwalaba wayekwazi futhi ekubona kahle, yize babekade bezitika ngamanzi amponjwana nabafi, nomngani wakhe uSandile Chili yena owaphenduka ufakazi wenkantolo ngemuva kokugeqa amagula, waninda uMthethwa ngecala.
Lesigwebo ezosidonsa kanyekanye kwazise ubegwetshwe leminyaka icala ngalinye, kulandela isivumelwano ababe naso nombuso sokuvuma icala.
Uchiphize izinyembezi kubalulwa umndeni wakhe nabantwana kanti uphinde waxolisa emindenini yabafi, nakubafi ngokubaphuca impilo besebancane bashiya nezingane ezisencane.


