Kunxuswa izakhamizi zaKwaZulu-Natal (KZN) ukuthi zihlale ziqaphile futhi zilandele izexwayiso zesimo sezulu
IKwaZulu-Natal Inxusa Ukuqapha Njengoba Izimvula Ezinamandla Zidale umonakalo, Kwashona abangu-24 kanye Nezinkulungwane Zase Zisele dengwane
KUNXUSWA izakhamizi zaKwaZulu-Natal (KZN) ukuthi zihlale ziqaphile futhi zilandele izexwayiso zesimo sezulu kulandela izikhukhula esezidlule nemiphefumulo yabantu abangu-24, zashiya izinkulungwane zabantu, zadala umonakalo wezigidigidi zamarandi nengqalasizinda.
Lesi sifundazwe sihlaselwe yizimvula ezinamandla kusukela ekuqaleni kukaMashi, okushiye imiphakathi eminingi isenkingeni.


