Isililo ubaba egwazwa washona ngesikhathi egubha usuku lwakhe lokuzalwa
Isililo ubaba egwazwa washona ngesikhathi egubha usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganisa iminyaka engu-46 eWestcliff
I-SAPS yaseChatsworth iphenya ngokugwazwa kowesilisa washonela ngaphandle kwesikhungo sotshwala/ukugembula.
U-Kubendren Govender, owaziwa ngelikaNolan, wabulawa ngaphandle kwendawo yotshwala/ yokugembula, ngemuva nje kokushiya umkakhe, uKaren Govender, emsebenzini.
Owezokuxhumana kwamaphoyisa eChatsworth, uCaptain Cheryl Pillay, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.
“Kusolakala ukuthi owesilisa, 46, ugwazwe ngesikhathi kunengxabano eWestcliff. Umufi uphuthunyiswe esibhedlela sendawo lapho eshonele khona. Amaphoyisa akwaSAPS aseChatsworth amatasa nophenyo,” usho kanje.
Selokhu kumenyezelwe ukudlula kwakhe emhlabeni, amazwi enduduzo angena ephuma kumakhulu ezakhamuzi, ekhombisa indlela uGovender aziwa ngayo emphakathini wangakubo.
Engxoxweni abe nayo neRising Sun, uKaren uthe iqiniso lokudlula emhlabeni komyeni wakhe alikakamtholi.
“Wonke umuntu uyamazi. UNolan akakaze alwe noma aphikisane namuntu, ngakho angiqondi ukuthi kungani umuntu angamlimaza.
“Bengisemsebenzini kwangena umuntu engitshela ukuthi kwenzekeni, ngithe ngifika endaweni yesigameko ngavele ngambona ephansi.


