Amaphoyisa ase Gauteng acela ukufuniswa lomlisa ongasiza ophenyweni lokutholakala kwesidumbu sowesifazane ona 27
Amaphoyisa aseGauteng athungatha owesilisa akholelwa ukuthi angasiza ophenyweni ngemuva kokutholakala kowesifazane oneminyaka engu-27 okusolwa ukuthi ubulawe eSunninghill, eGoli, ngoMgqibelo, 08 March 2025.
Umlisa osesithombeni angasiza amaphoyisa ophenyweni.
Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi umlisa ukuba athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma ashayele inombolo yokubika ubugebengu ku-08600 10111. Ulwazi lunganikezwa futhi ngokungaziwa nge-MySAPS etholakala kunoma iyiphi i-smartphone.
Kubikwa ukuthi unina kamufi uqale ukusola ngemuva kokuthi kade efonela indodakazi yakhe, ucingo belukhala lungabanjwa. Kungaleso sikhathi-ke lapho ebike khona udaba emaphoyiseni. Amaphoyisa aqhubekele efulethini likamufi amthola edindilizile enenxeba lokudutshulwa. Kwaqinisekiswa ukuthi ushonile endaweni yesigameko.
Amaphoyisa alibeka eqhulwini leli cala njengoba enza kuwo wonke amacala obugebengu obubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nokuhlukunyezwa ngokobulili.

