Abazali bezingane ezifunda esiQophamithi Primary School eZakheni sebethathe isinqumo sokuvala iCurcuit offic
Abazali bezingane ezifunda esiQophamithi Primary School eZakheni sebethathe isinqumo sokuvala iCurcuit office.
Imbangela: sekundlule izinsuku ezingu 4 ngokusho okhulumela abazali izingane zingayi esikoleni. Uma ziya ziyajikiswa kushaya u 09H00 zisemakhaya.
Ngokomthombo kubikwa ukuthi othisha abazwani inxabano ekhona iyaphazamisa ukufunda kulesikole. Kubikwa ukuthi bazamile izikhathi eziningi njengoba lomkhuba ungaqali bakhuluma noThishoMkhulu kanye nomhloli abathi uThandi Zondi abamtholi.
Umhloli bambhalelile ama emails nokumfonela abamtholi. Okubaxakayo sebebizelwe amaphoyisa kanti bona bathi baze ngesihle. Kodwa noma kunjalo bathi abaphele mandla kusasa bazobuyela njengoba into abayifunayo ukuba izingane zabo zifunde zingafakwa ezinxabanweni zabo.


