Izindaba

kudutshulwe kwabulawa ngesihluku izithandani esezikhulile zilele.

Namanje ushaqekile umphakathi waseLucingweni kuTsolo, e-Eastern Cape ngemuva kokutholakala kwezithandani esezikhulile zibulewe emzini wazo. Abagilwa abeneminyaka engamashumi ayisikhombisa (70) omunye eneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu (75) ubudala batholwe egumbini labo benamanxeba okudutshulwa emakhanda ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uLieutenant Colonel Siphokazi Mawisa uthe izithandani zigcine ukubonakala ngoMsombuluko.

“Ngolwazi esilutholile, abagilwa bagcine ukubonakala ngoMsombuluko ngomhlaka-25 kuLwezi ngo-2024, amalungu omndeni anquma ukuyobheka emzini wabo. Ngesikhathi befika babafice egumbini labo benamanxeba okudutshulwa base bebikela amaphoyisa,” kusho yena.

Uphiko lwe-Provincial Serious and Violent Crimes Unit luphenya amacala amabili okubulala. UMawisa ukuqinisekisile ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene ujube abaseshi abanamava ukuthi baphenye leli cala.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma abike ku-SAPS CrimeStop ku-08600 10111

Error