Izindaba

Inkantolo enkulu yase Equatorial Guinea imdedele umlisa owalala nabafazi babantu abangaphezu kuka 400

U-Baltasar “Bello” Ebang Engonga, owayeyisikhulu esiphezulu e-Equatorial Guinea nowayedume ngokuthandeka nokubukeka kwakhe, manje useyindoda ekhululekile ngemva kokudedelwa yiNkantolo Ephakeme. Ingxabano yakhe yezomthetho esezingeni eliphezulu isukela ezinsolweni zokuqola kanye nehlazo elithinta ukuputshuka kwama-video ocansi ashaqise isizwe.

U-Engonga waboshwa ngo-Okthoba 25, esolwa ngokukhwabanisa izizumbulu zezimali kahulumeni wazifaka kuma-akhawunti ayimfihlo aseCayman Islands. Ngemuva kokuboshwa kwakhe, wathunyelwa ejele elidume kabi eBlack Beach, eMalabo, lapho iziphathimandla zashaqa khona amafoni namakhompyutha akhe.

Ngemva nje kokuvalelwa kwakhe, uchungechunge lwamavidiyo ingcaca luqale ukusabalala ku-inthanethi. Kwaqale kwabiwa kuTelegram ngeziteshi ezaziwa ngokushicilela okuqukethwe ingcaca, amavidiyo asakazwa ngokushesha nge-WhatsApp, kwaqubula intukuthelo.

Phakathi kwalabo abathintekayo kubalwa u-Engonga kanye nabesifazane abambalwa, okuhlanganisa izihlobo zikamongameli, amakhosikazi ongqongqoshe nezikhulu eziphezulu zezempi.

Error