Uzovela enkantolo namhlanje umlisa ona 26 owadlwengula i-Ex yakhe ena 18 ephindelela.
POLOKWANE – Umsolwa wesilisa oneminyaka engu-26 ubudala owaboshwa ngamaphoyisa aseTzaneen ngezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala esigodini saseKubyana ezintatha zangoMgqibelo, 23 November 2024 ngabo-01:00.
Kuthiwa isisulu besihamba nesoka laso endaweni yokucima ukoma eseduze nalapho umsolwa okukholakala ukuthi ubeyisoka lakhe lakudala esebahlukana nalo efika kubo ephethe ummese wasabisa ngokugwaza isoka wabe eselixosha. Ngemuva kwalokho umsolwa wathuka lowesifazane waphinde wamshaya waze waquleka.
Kuthiwa wamthatha wamyisa ehlathini eliseduze wamdlwengula. Kuthiwa emuva kwalesi sigameko umsolwa uyalele owesifazane ukuthi enze ezinye izinto ezingacatshangwa okubikwe ukuthi kusaphenywa ukuze kutholakale ubufakazi.
Umsolwa uthathe isisulu wasiyisa kwakhe waqhubeka nokusidlwengula. Ekuseni, wasaphelezela waze wasibeka ekhaya.
Owesifazane oyisisulu, ngesikhathi efika ekhaya wabikela unina, nowabikela amaphoyisa ngesigameko.
Kwavulwa icala lokudlwengula ukuze liphenywe futhi idokodo ladluliselwa eTzaneen FCS Unit
Umsolwa ulandelwe umkhondo waboshwa ngoMgqibelo, 23 November 2024 emini ngamacala okudlwengula.
Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseGa-Kgapane ngoMsombuluko, 25 November 2024, ebhekene necala lokudlwengula.
Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka
Imibuzo:
Colonel Malesela Ledwaba
082 451 7180

