Izindaba

Bangu 220 abokufika ababoshwe emafemini ase Newcastle abasebenza bengenazo izincwadi zokuba kuleli.

Kuboshwe abokufika abangu 220 abasebenza emafemini ase Newcastle
UNdunankulu wesifundazwe KwaZulu-Natal uMnumzane Thami Ntuli ephelezelwa IMeya yase Newcastle uCllr X Dube, uClr Mtwana Ndabuko Zulu iMeya yase Majuba kanye namaphoyisa bagasele emafemini ase Newcastle kungazelelwe ngolwesihlanu mhlaka 22 November 2024 ohambeni lwakhe lapho eqhuba umkhankaso owaziwa nge “Operation engaging ngesango iyafohla”, kwenye yamafemu ufice inqwaba yabasebenzi abadabuka ngaphandle kwakuleli abakade bengenawo amaphepha ase mthethweni okuba kuleli.
Ebabuza ukuthi bahola malini bathe bahola R150 ngeviki nokuba wu R600 ngenyanga, uNtuli usigxekile lesenzo sokuxhaphaza abantu ngoba beswele wathi amafemu kumele aholele imali egunyazwe uhulumeni hhayi lento eyenzeka emabhodini. Okunye okuvelile ukuthi abantu bahlala ezindaweni zokusebenza kanti kukhona nezingane ezincane ezineminyaka eko 18 ubudala eziqashiwe.
Abasebenzi ababoshiwe babalelwa ku 220 ophindiselwa emazweni abo maduze nje, kuphinde kwaboshwa nabaqashi.
Error