EzemidlaloIzindabaNews

Bafuna amalungelo anjengawabashadile abakipitile.

Kungase kushintshe izinto uma kuphasiswa umthetho wezemishado njengoba abesifazane abakipitile sebefuna ukuvikelwa ngumthetho, bangaphumi bezishayela uma ucu lungasahlangani noma sekushona omasihlalisane babo.

Bafuna kube nesigatshana emthethweni esizobanika ilungelo lokuthi bathole indlu nezingane uma kukhona okwenzekayo ngoba basuke bechithe isikhathi sabo kulowo mkipito.

Lezi ngezinye zezinto ezigqamile eziphakanyiswe ezigcawini ezehlukene, zokuthola imibono yomphakathi wasesifundazweni iGauteng kuleli sonto.

Ikomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende lisemkhankasweni wokuthola ukuphawula komphakathi ngoMthethosivivinywa wezemishado.

Njengoba kuphothulwe izigcawu eGauteng, ngonyaka ozayo lizoqhubeka nazo kwezinye izifundazwe.

USihlalo wekomiti, uMnuz Mosa Chabane, uthe iphuzu lokuthi abakipitile kufanele bahlomule, ngelinye ebelisematheni eGauteng.

Uthe bakhale ngokuthi njengoba kulezi zinsuku imishado kuyilanga elingashisi noma ngubani, kubalulekile ukuthi bangaphumi beshwiba izandla abesifazane nezingane uma kuhlukanwa.

“Bakhale ngokuthi bagcina besele dengwane nezingane zabo uma kwenzeka kuhlukanwa yingakho befuna umthetho ubabhekelele ngesigatshana esizothinta umuzi kanjalo namanye amalungelo njengoba kwenzeka kulabo abasuke beshadile. Lesi siphakamiso sizosibheka uma sesihlanganisa yonke into ethinta imibono yomphakathi,” kusho uChabane.

udaba oluphelele nomthombo ngena ku www.isolezwe.co.za

Error