Izindaba

Sekushone enye ingane eneminyaka emihlanu edle ama chips esitolo sabokufika eDiepkloof

UMPHAKATHI weseDiepkloof, entshonalanga yaseSoweto uhambisana ne-Operation Dudula ugcwale imigwaqo yakuleli lokishini ngoLwesine ekuseni umashela ukufa kwengane.

Le ngane yomfana eneminyaka emihlanu (5) kanye nezinye izingane ezintathu kuthiwa zithenge amachips izolo ngoLwesithathu kwispaza esiphethwe umuntu wokufika.

Emva kwemizuzu ewu-20 bewadlile lamachips, ingane ibe isizibhonqa ikhala ngesisu yase iphuthunyiswa emtholampilo lapho efike yashonela khona.

UMongameli we-Operation Dudula uZandile Dabula uthe kudala babezama ukuyikhuluma lendaba yokuthi kumele behambe abantu bokufika ngoba basibangela izinkinga kuleli zwe.

“Uhulumeni wethu angazi ukuthi yini ethule kangaka uma kukhulunywa ngala bantu ngoba sebelimoshile izwe lethu. Ziningi kabi izingane esezishonile ngenxa yabo kodwa akasho lutho. Lento iyacasula kakhulu. Babulala izwe lethu uma bebulala izingane ngoba phela izona abaholi bakusasa. Sizoholwa ngubani uma sesingasekho isizukulwane esilandela thina?” kubuza uDabula.

Umphakathi usivalile ispaza lapho kuthenge khona izingane amachips kanye nezinye izipaza zabokufika kuleli lokishi.

Nalezi ezinye izingane ezidle amachips zidluliselwe esibhedlela ukuze zixilongwe.

Khonamanjalo amaphoyisa esifundazweni sakwaZulu-Natal avundulule isizinda esigcina ukudla okonakele e-Bluff, eThekwini ngoLwesithathu.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ubehambisana noNdunankulu uThami Ntuli, bekule ndawo egcina impahla emigwaqweni uCnr South Coast eThekwini ngoLwesithathu

Error