Kumele babikwe bonke abafuna ukukhokhelwa ngocansi ukuze baqashe abantu emsebenzini nabafuna ucansi ukuze ukhushulelwa izikhundla emsebenzini.
UMONGAMELI wePolice and Prisons Civil Rights Union (POPCRU) uThulani Ngwenya, uxwayise abantu ukuthi kumele babikwe bonke laba abafuna ukukhokhelwa ngocansi emsebenzini.
“Ukuthengisa ngocansi emsebenzini akuvumelekile. Abasebenzi abafunwa ucansi emsebenzini kumele babike,” kusho uNgwenya.
Ubike ukuthi abahlangabezana nezimo ezikanje emsebenzini abafunwa ucansi noma abanukubezwayo babike kuma SAPS, Correctional Services, Traffic Police, Border Management nabo bonke abasebenzisana nalezimo.
UNgwenya uhlukumezwa ukuthi abanye abasebenzi kumele baye ocansini ukuze bakhuphulelwe izikhundla. Abasebenzi kumele babike, ukubika kwabo kuzoba imfihlo, ukubavikela.
IPopcru ikhankasela ukuthi izigilamkhuba, zikhishwe zihlazeke.
“Kumele abantu bazi ukuthi ukucela ucansi kumsebenzi ukuze akhuphuke esikhundleni noma ukunukubeza umsebenzi, kuyicala elikhulu kabi.
“Lesi senzo asivumelekile, silulaza abantu besifazane. Kuyimanje silwa neGender Based Violence (GBV). “Kuyimanje likhona icala elibikiwe kwenye yezimenenja ezinkulu kumajele wethu.
Sibikile komkhulu, kuphume istatimende sokuthi uma ungavumi ukuphana ngocansi,” kusho uNgwenya.
Siyacela abantu bazibike lezizigila mkhuba, akekho umuntu okumele asebenzise umzimba wakhe ngoba efuna umsebenzi noma ukukhuphuka esikhundleni.
