Kudutshulwe kwabulawa owesifazane oneminyaka engu 34 ngaphandle kwejimu namhlanje ekuseni eNelspruit
Kudutshulwe kwabulawa owesifazane oneminyaka engu 34 ngaphandle kwejimu namhlanje ekuseni eNelspruit
Amaphoyisa aseNelspruit aphenya isigameko esinyantisayo lapho owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala wadutshulwa wabulawa ngaphandle kwejimu eNelspruit namhlanje ekuseni, ngoLwesithathu, 20 November 2024 ngabo-05h30. Kulokho osekuqoqwe kuze kube manje uphenyo lwamaphoyisa, isisulu sesifazane besingudokotela ngokomsebenzi futhi sisebenza esibhedlela sikahulumeni. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa okwamanje.
Amaphoyisa aseNelspruit kanye nabezimo eziphuthumayo baphendule ucingo bafica isisulu singaphandle kwemoto yaso kanti ngeshwa kwatholakala ukuthi ushonile endaweni yesigameko.
Yize kusaphenywa izimo ezithinta lesi sigameko, uphenyo lwamaphoyisa lukhomba ukuthi owesifazane kubikwa ukuthi udutshulwe lapho kuthungathwa abasolwa ababili emaphoyiseni. Njengamanje akukaboshwa muntu okwamanje, abasolwa basagcwele amathafa.
Amaphoyisa ashayele noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuba athinte uMkhuzi wabaseshi baseNelspruit, uColonel Thami Mkhaliphi ku-082 408 9831 noma ku-Crime Stop ku-08600 10111. Okunye, umphakathi ungathumela ulwazi nge-MYSAPSAPP. Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa njengemfihlo ngangokunokwenzeka.
Khonamanjalo iBamba likaKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General (Dkt) Zeph Mkhwanazi ukugxeke kakhulu ukubulawa kwabantu okungenangqondo futhi waqinisekisa umphakathi ukuthi ithimba labaphenyi ngeke lishiye lutho ukuze labo abathintekayo bagqunywe ejele. “Ithimba labaphenyi eliqinile lisebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi baboshwa ngokushesha,” kusho uJenene.
ngolwazi olungeziwe xhumana no:
Brigadier Donald Mdhluli
082 608 6540


