News

Isikhulumeli se ESKOM sithi bangase bahlawuliswe imali angango R12 000 abantu abangawuthengi ugesi nalabo abangeke babhalise kabusha ama mitha abo kabusha

Isikhulumeli se ESKOM sithi bangase bahlawuliswe imali angango R12 000 abantu abangawuthengi ugesi nalabo abangeke babhalise kabusha ama mitha abo kabusha.

Isikhulumeli senkampani ephehla ugesi eNingizimu Afrika uDaphne Mokwena ekhuluma ohlelweni lukamabonakude umemezele ukuthi abantu abangeke babhalise kabusha izigubhu zabo zikagesi bazothweswa amacala afanayo nalawo athweswa abantu abangawukhokheli ugesi.

Ekhuluma ohlelweni lwezindaba zomphakathi ku Newzroom Afrika uthe inhlawulo abangase bayikhokhe ilinganiselwa ezinkulungwaneni ezilishumi nambili (R12000).

Ugcizelele ukubaluleka kokubhalisa izigubhu kulesikhathi esibekiwe wathi wonke umthengi kagesi kubalulekile ukuthi abhalise isigubhu sakhe sikagesi kabusha ukuze angazitholi esenenkinga nomthetho.

Error