News

Umphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane uthi kuzophela ukuvula amahora angu-24 kweminye imitholampilo esifundazweni saKwaZulu Natal ngenxa yezinkinga zemali.

Kubukeka sengathi kuyaphela ngokuvulwa ubusuku nemini kweminye imitholampilo KwaZulu-Natal ngenxa yezinkinga zemali ezibhekene noMnyango wezeMpilo esifundazweni.

Akuzogcina ngokuthi kwehliswe amahora okusebenza kwale mitholampilo ngenxa yezinselelo zemali, kodwa neminyango ehlukene kahulumeni isizokhokhela ukuqasha ama-ambulensi asuke elindele izimo eziphuthumayo uma iminyango yenze imicimbi ehlukene emiphakathini.

Lokhu kudalulwe nguMphathiswa wezeMpilo esifundazweni, uNksz Nomagugu Simelane, ekhuluma emhlanganweni wekomiti lezezimali esiShayamthetho ngoLwesihlanu.

Uthe lezi ngezinye zezindlela zokuzama ukwehlisa izindleko ezibhekene nomnyango.

Uveze ukuthi baqhamuke nalezi zinhlelo ezibalelwa ku-35, abazozenza ngoba befuna ukungeqi esabelweni semali njengoba ebalule ukuthi kungenzeka beqe ngoR4.7 billion kusona.

Elandisa ubike wathi “Asizovele sehlise amahora asetshenzwa kule mitholampilo kodwa sizobheka ukuthi isibhedlela sikude kangakanani nalowo mtholampilo. Sizobheka nokuthi noma ivalwa kodwa uma kwenzeka kunezimo eziphuthumayo kube okungenani nomhlengikazi oyedwa ozosiza ngoba kweminye yayo kusuke kunezindawo zokulala abahlengikazi,” kusho uNksz Simelane, othe izovulwa ekuseni ivalwe ntambama.

Uveze ukuthi okwamanje abakazi nokuthi mingaki imitholampilo abazokwehlisa amahora okusebenza kuyona ngenxa yokuthi basazohlala phansi babheke izinto eziningi.

Abebesebenza kuyona bazovala izikhala kwezinye izindawo lapho bedingeka khona.

 

Umthomb: www.isolezwe.co.za

Error