Umlisa ogwaze umngani wakhe washona uxhifwe ngamatshe wumphakathi waze washona naye endaweni yase Verulam
Umphakathi nabasondelene nabafi abakayikholwa namanje into abayibone ngamehlo abo kudindiliza izidumbu zabangani ababili, eHazelmere, eVerulam ngoMgqibelo.
Kulesigameko kushone uMnuz Mthethowakhe Malinga oneminyaka engamashumi amathathu nantathu (33) emva kokugwazwa umngani wakhe, ogcine exhifwa wumphakathi ngamatshe waze washona.
Ngokuthola kweSolezwe, umsolwa uqale wahlasela omunye umngani endaweni, ophuthunyiswe esibhedlela, ngaphambi kokuthi ahlasele uMalinga.
Ngokomthomb unina kaMalinga, uNksz Ntombenhle Khanyile uthi isigameko senzeke egcekeni, bengazelele besanda kuvuka.
Uthe ngesikhathi embheka ubesawavulile amehlo, kodwa engasacwayizi futhi engasanyakazi wathi umsolwa ubelele ebheke phansi, elimele.
“Ngibone igazi ligobhoza lisuka endlini yendodana yami ngabona ukuthi ukuhlasela kuqale khona,” kusho uNksz Khanyile, othe ngenxa yokwethuka, uvele waquleka.
Uthe ngesikhathi esephaphama utshelwe ukuthi indodana yakhe igwazwe amanxeba amathathu ezindaweni ezibucayi okuyisesiswini, enhliziyweni nasentanyeni.
Uthe nakuba ubengeze angayinaka impilo yendodana yakhe, athe isikhathi esiningi ibiza endlini yakhe uma izodla bese iyohlala endlini yayo noma ebanganini, uzwile ukuthi kuthiwa bebezwana nomsolwa.
Uqinisekise ukuthi bobathathu abathinteka esigamekweni bebengamathe nolimu. Wathi isikhathi esiningi bebebonakala behamba ndawonye.


