News

Zizovalwa zonke izipaza ezithintekayo ekufeni kwezingane.

Izipaza okusolwa ukuthi ziyathinteka ekufeni kwezingane zovalwa ngokushesha.

INational Informal Traders Alliance ithi uhlelo lukaMengameli Cyril Ramaphosa lokubhalisa kabusha zonke izipaza eNingizimu Afrika ezinsukwini ezingu-21 lubaluleke kakhulu uma kubhekwa isibalo samaspaza ezweni lonke.

Zonke izipaza nezinye izikhungo zokuphatha ukudla kumele zibhaliswe komasipala abasebenza kuzo zingakapheli izinsuku ezingama-21 kusukela namhlanje.

Noma yisiphi isitolo esingabhalisiwe phakathi kwezinsuku ezingu-21 futhi esingahlangabezani nawo wonke amazinga ezempilo kanye nezimfuneko sizovalwa.

Error