Izakhamuzi zaseMozambique, Zivele eNkantolo yeMantshi yaseBrits ngoMsombuluko, 11 November 2024, ngamacala okugebenga indlu nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Laba bobathathu bagcinwe esitokisini kuze kube yilapho bephinde bavela enkantolo ngoLwesithathu, zingama-20 kuLwezi wezi-2024.
ULoyd Ngobeni (31), uMark Ratau (40) no-Alex Tivan (22) oyisakhamuzi saseMozambique, bavele eNkantolo yeMantshi yaseBrits ngoMsombuluko, 11 November 2024, ngamacala okugebenga indlu nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Laba bobathathu bagcinwe esitokisini kuze kube yilapho bephinde bavela enkantolo ngoLwesithathu, zingama-20 kuLwezi wezi-2024.
Ukuvela komsolwa enkantolo kungenxa yesigameko esibikwe ngezintatha zangoLwesine, 07 November 2024, epulazini eliseKameeldrift e-Assen, eduze kwaseBrits. Kusolwa ukuthi isalukazi, 64, besilele endlini yaso ngesikhathi laba bobathathu bephoqa ukuthi bangene endlini yasepulazini bamhlula ngamandla. Umufi ushaywe ngesibhamu ekhanda waboshwa nezintambo zezicathulo kanye ne-masking tape. Abasolwa bagqekeze umuzi bashiya nezimpahla okubalwa kuzo izingubo, ubucwebe, amathuluzi, amaselula, ilaptop nekhamera, nokunye.
Ukusebenzisana phakathi kweBrits Trio Task Team kanye neCrime Intelligence, kuholele ekuhlonzweni kwemoto, iVolkswagen Polo emhlophe, eyasetshenziswa ngesikhathi kwenziwa ubugebengu. Umnikazi wayo uhlonzwe kwabe sekutholakala ukuthi imoto ibibolekwe uLoyd Ngobeni owalandwa e-Extension 18, eMamelodi East, nokuyilapho atholakala khona waboshwa ngoMsombuluko, 11 November 2024. Amaphoyisa ashaqa i-laptop, ubucwebe kanye neVolkwagen eyebiwe. Ipolo.
Umsolwa wesibili, u-Alex Tivan, utholwe ku-Group 10 eSanddrift e-Assen waboshwa kanti amaphoyisa ashaqa amaselula atholwe kuye. Umsolwa wesithathu, uMark Ratau, ulandelwe umkhondo waboshwa eduze komgwaqo u-R511 e-Assen. Ngesikhathi amaphoyisa esemsesha athole isibhamu sohlobo lwe-9mm esinenombolo ecishiwe nephephabhuku elinezinhlamvu ezingu-36.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Sello Kwena, uhalalisele amaphoyisa ngokubambisana nokuzinikela kwawo okuholele ekuboshweni kwalaba.
Imibuzo:
UColonel Adele Myburgh
082 856 1731


