Amaphoyisa amane (4) aboshelwe ukweba izigidi zamarandi ezilinganiselwa ku 1.6 Million
Amaphoyisa amane aboshelwe ukweba u-R1.6m
Amaphoyisa anyamalala nemali, kodwa abuya no-R200 000 wawo emuva kwamahora amahlanu.
Amaphoyisa amane: Danisile Precious Mahlangu, Mandla Saky Ndlovu, Bongani Dlamini noDoctor Zulu.

Amaphoyisa amane aseBarberton aboshelwe izinsolo zokweba u-R1.6m emzini kamkhokheli we-zama zama paymaster agcinwe esitokisini.
Bavele eNkantolo yeMantshi yaseBarberton ngoLwesihlanu, mhlaka-15 Novemba, lapho bebhekene necala lokweba kanye nokwephula umthetho.
Icala lihlehliselwe uLwesibili mhlaka-19 Novemba ukuze afake isicelo sebheyili.
Kuthiwa bagasele emzini wowesilisa okukholakala ukuthi ubekhokhela ama-zama zama ngoLwesine, mhlaka-14 Novemba, bathola u-R1.8m ku-wardrobe.
Njengoba umkhokheli okuthiwa ubengekho ekhaya, amaphoyisa abophe indodana yakhe ayiyisa esiteshini samaphoyisa. Bamvalela banyamalala nemali, ngaphandle kokumkhokhisa noma ukubhukha imali eshaqiwe esiteshini njengokujwayelekile.
“Banyamalale amahora amahlanu,” kusho okhulumela oKlebe esifundazweni, uCaptain Dineo Sekgotodi.
Indodana eboshiwe yavulela amaphoyisa amane icala lokweba. Kubizwe uphiko lwezobunhloli kwathi uma befika babiza amaphoyisa amane ukuthi abuyele esiteshini.
“Ekubuyeni kwawo, la maphoyisa akhiphe isamba sika-R200 000 kuphela, asola ukuthi yiyo yonke eyatholwa emzini kamkhokha,” kusho uSekgotodi.
Amaphoyisa amane aboshwe agqunywa esiteshini samaphoyisa eNelspruit.
USekgotodi utshele abezindaba ukuthi indodana ikhululiwe. “Kusaqhubeka uphenyo mayelana no-R1.8m ogcinwe ku-wardrobe, ngoba lokho kufana nokushushumbisa imali,” usho kanje.


