Oklebe babophe umsolwa ongowokufika kuleli (41) ngecala elihlobene nezimayini elingekho emthethweni, lokuphula uMthetho Wokufika kanye nokushaqa impahla yezimayini yenani lemali elinganiselwa ku-R3 million eGiyani Section A ngomhla ziyi-14 kuLwezi wezi-2024.
LIMPOPO – Oklebe babophe umsolwa ongowokufika kuleli (41) ngecala elihlobene nezimayini elingekho emthethweni, lokuphula uMthetho Wokufika kanye nokushaqa impahla yezimayini yenani lemali elinganiselwa ku-R3 million eGiyani Section A ngomhla ziyi-14 kuLwezi wezi-2024.
Umsolwa uboshwe ngesikhathi sokungenelela okubizwa nge-Operation Green obekwenziwa uphiko loKlebe oluzinze ePolokwane, i-Local Criminal Record Centre (LCRC) eseGiyani, i-State Security Agency kanye neSouth African Diamond and Precious Medal Regulator (SADPMR).
Lo msebenzi kuhloswe ngawo ukuqeda zonke izinhlupheko zemisebenzi yezimayini engekho emthethweni endaweni yaseGiyani naseMalamulele esiFundeni saseMopani.
Ngesikhathi lisebenza leli thimba liye kwelinye lamapulazi lafica indoda icwenga igolide. Ngesikhathi kuxoxwa kwatholakala ukuthi ungowokudabuka eMozambique, akanawo amaphepha okuba seNingizimu Afrika. Ngokushesha waboshwa.
Kutholwe kwashaqwa le mishini elandelayo yokumba izimayini: inqwaba yezindawo zokulahla imfucuza, amapayipi amanzi, amafosholo, amathange okugezwa akhiwe ngaphakathi, izitsha zamakhemikhali, iphenduka, ibhala, amathange amanzi negolide elicolisisiwe.
Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGiyane ngomhlaka-15 Novemba 2024 ukuze abhekane necala lokwephula i-Immigration Act kanye nokwephula i-Precious Medal Act. I-Operation green isaqhubeka esiFundazweni saseLimpopo.
Inhloko yesiFundazwe yoPhiko Oluphenya Ngobugebengu Okuphambili UMajor General (Adv) Gopz Govender uncome ithimba ngomsebenzi omuhle owenziwe.
Imibuzo:
UWarrant Officer Lethuma Mmuroa
071 481 3488


