IzindabaNews

Kuboshwe umlisa osolakala ngokubulala ngesihluku owesifazane oneminyaka engu 52 endaweni yamaphoyisa eLebowakgomo ngenyanga eyedlule.

POLOKWANE – Amalungu ophiko lweProvincial Tracking Team kanye nophiko lokubulala nokuphanga abophe umsolwa wesilisa, 56, okukholakala ukuthi nguyena onecala lokubulala ngesihluku isisulu sowesifazane, 52, endaweni yamaphoyisa eLebowakgomo ngenyanga edlule. ngomhlaka-23 Okthoba 2024 cishe ngo-17:00.

Umufi, obengumhlengikazi ngokomsebenzi, ufe kabuhlungu ngesikhathi esendleleni eya emsebenzini esibhedlela iLebowakgomo. Umufi ushone ngenxa yamanxeba okudutshulwa eduze kwesango lesikhungo sezokwelapha.

Emuva kwalesi sigameko kwavulwa icala lokubulala emaphoyiseni endawo kwabe sekudluliselwa idokodo kubaseshi besifundazwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

NgoLwesithathu mhla ziyi-13 kuLwezi wezi-2024, kwenziwa umkhankaso wobunhloli owaholela ekubanjweni komsolwa wesilisa oneminyaka engu-56 ubudala endaweni yaseLebowakgomo Zone A.

Ngesikhathi eboshwa, umsolwa watholakala nesibhamu samaphoyisa nezinhlamvu okubikwa ukuthi zebiwe endaweni yaseSeshego ngenyanga kaJuni 2024. Amaphoyisa aphinde ashaqa nemoto yohlobo lwe-VW Golf 7 okukholakala ukuthi yasetshenziswa ukwenza lobu bugebengu.

Umsolwa ohlobene nomufi ohlonzwe ngelikaMumsy Seribishane uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThabamoopo ngoLwesihlanu mhlaka-15 Novemba 2024 ebhekene necala lokubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.

Iyaphela

Imibuzo:
Colonel Malesela Ledwaba
082 451 7180

Error